Notices to be placed before 4:00 PM
EZOKWESEKWA KWABAFUNDI CLMS-IZITHANGAMI ZAMAQEMBU KAMBASA
Print

Mfundi othandekayo,

Uphiko lwe-CLMS Lwezokwesekwa Kwabafundi lukunika ithuba lokubamba iqhaza ezithangamini zamaqembu ezihlose ukukulekelela ukuba uthuthukise amakhono akho nokubhekana kangcono nalezi zikhathi eziyinselelo. Sicela uthintane noNks  Noma Makathini ku- makhathinin@ukzn.ac.za ukuzibekisela indawo.

Ungathola olunye ulwazi, okuqoshiwe, imibhalo, izethulo esizindalwazini sethu sakwa-CLMS SSS; usebenzise inkinobho ethi -BOOK NOW ukuze ubekise isikhathi sokubonana nabeluleki bethu.  Sicela ungene esizindalwazini sethu ngokusebenzisa le- url: https://clmsstudentsupport.ukzn.ac.za

Sikanye nawe ohambweni lwakho oluya empumelelweni

Isihloko: Ukucabanga Ngendlela Ekhulisanayo

Usuku:   13 noma 20 kuMbasa (April)  (NgoLwesibili); Isikhathi ngehora le- 11h00; Abaphethe Uhlelo: Zamangwane Khanyile & Margot Sennett Freedman.

Unenkolelo yokuthi wazalwa futhi wakhuliswa  namakhono athize angashabalali -njenge-IQ- onawo kusukela ekuzalweni kwakho futhi azohlala nawe impilo yakho yonke? Noma ukholelwa ukuthi imibono nemicabango yakho kuyaguquka, ukuthi ungafunda amakhono amasha uma uwathuthukisa, nokuthi ubuhlakani nokukhalipha kwakho kukhula ngokwezimo ohlangabezana nazo?

Uma uthi “yebo” embuzweni wokuqala, unalokhu okubizwa “ngendlelakucabanga engaguquki”, le ndlela ingaba yinkinga ngenxa yokwesaba kwakho ukwenza amaphutha okuholela ekugwemeni amathuba angakusiza uthuthuke, ukhule ezindleleni ezibalulekile, wenze kahle kwezokufunda futho uzakhele impilo oyifisayo.

Uma uphendule wathi “yebo” embuzweni wesibili, kungenzeka ukuba unalokhu uSolwazi wase-Stanford u-Carol Dweck akubiza “ngokucabanga ngendlela ekhulisanayo”. Uma umuntu “ecabanga ngendlela ekhulisanayo”, uyazithokozela izinselelo, noma kunobungcuphe, ikakhulukazi ngoba kuyigugu kuye ukufunda nokuthuthuka ngaphezu kokucatshangelwa ngabanye ukuthi uyakwazi akwenzayo. Abafundi abaneziqu zasenyuvesi bavamise ukutholakala benendlela yokucabanga ekhulisanayo.

Ngakho uma unendlela yokucabanga engaguquki – ungakhathazeki- ungakwazi ukuthuthukisa indlela yokucabanga ekhulisanayo! Ukuthuthukisa indlela yokucabanga ekhulisanayo kuzokufundisa ukusingatha ukungaphumeleli nokuthola izindlela ezintsha zokuphumelela.  

Bamba iqha kulo mhlangano wokucobelelana ngolwazi ukuze ufinyelele ezingeni lakho kwezokufunda!

Uma unemibuzo ngalo mhlangano, xhumana noZama ku- Khanyilez@ukzn.ac.za

Isihloko: Ama-Q&A Abafikayo: Ukwesekwa Ngonyaka Wokuqala

Izinsuku :  15, 22 and 29 kuMbasa (April)  (NgoLwezine) ; Isikhathi 10am – 11am; Ophethe uhlelo: Margot Sennett Freedman.

Leli qembu livuleleke kunoma yimuphi umfundi wonyaka wokuqala onombuzo osheshayo, noma ofisa ukuthola okwengeziwe nokucubungula izindaba eziphathelene nokufunda ngobuchwepheshe, ukuzijwayeza impilo yasenyuvesi, izindawo zokuthola usizo, kanye nanoma yikuphi okunye okumayelana nokujwayela noma nenyuvesi. Lo mhlangano oyihora uzoqala ngemibuzo emfishane ulandele ngokucubungula ethe ukujula- lapho abafundi bonyaka wokuqala bezolayelwa lapho bengathola khona usizo noma balekelelwe khona emhlanganweni.  

Lo mhlangano ubizelwe obani: Noma yibaphi abafundi bonyaka wokuqala ababhalise eKolishi Lezifundo ZezoMthetho NezokuPhatha.

Uma unemibuza ngaleli qembu, xhumana no-Margot ku- sennett@ukzn.ac.za

Isihloko: Ubuciko Bokuphathwa Kwesikhathi

Izinsuku: kuMbasa (April)  14, 21, & 28 (NgoLwezithathu)   Isikhathi: 13: 30; Abaphethe uhlelo: Cebisile Kubeka no-Claire Mondlana

I-Imeyili:  KubekaC@ukzn.ac.za, MondlanaC@ukzn.ac.za

Abafundi abaningi babhekene nenselelo yokuphatha isikhathi sabo emakhaya, ukuthola uzinzo phakathi kwemisebenzi yasekhaya neyesikole kanti abanye banenselelo yokuthola indawo engenawo umsindo nesithele yokusebenza ngoba amalungu omndeni nabantwana bakubo besekhaya ngesikhathi semvalelwandlini. Ukugcina uhlelo noma ukuba nokuzithiba empilweni (ikakhulukazi kwezokufunda) sekuphenduke into enzima kakhulu kubafundi bethu abaningi.

Lo mhlangano uzokulekelela ngokuzibekela izimpokophelo, ukuzakhela uhlelo noma indlela yokugcina isikhathi, ukunika isikhathi okubalulekile kuqala nokulawula indlela osebenzisa ngayo isikhathi. Ekugcineni le mihlangano izokucabela indlela futhi ikwenze ube nokuqonda ukuthi yiziphi izinto obhekene nazo ezikuvimba ukuba ufinyelele kokuphokophelele ngesikhathi.

Ubhekiswe kobani?

Bonke abafundi abafisa ukuphucula amakhono abo okuphatha isikhathi.

Isihloko: Iqembu labafundi abalekelela abanye abafundi

Usuku:  kuMbasa (April)  9, 16, 23, & 30 (NgoLwezihlanu);  Isikhathi: 09: 00; Ophethe uhlelo: Cebisile Kubeka

I-imeyili:  KubekaC@ukzn.ac.za

Abafundi bonyaka wokuqala badinga lonke usizo abangaluthola ukuze bajwayele ukuba senyuvesi besuka esikoleni samabanga aphezulu. Inyuvesi ihlinzeka ngokuningi kusukela kwezokufunda, ezempilo nezenhlalo okungalekelela abafundi babhekane nezinguquko. Enye yezindlela ezinhle zokwenza lokhu ukubamba iqhaza, uzimisele ukufunda okusha, nokuba yingxenye yomphakathi wasenyuvesi. Lo mhlangano uzokulekelela ufunde izindlela zokujwayela indawo entsha, wakhe ubungani obusha, ufunde amakhono amasha nokuthola ukwesekwa. Futhi uzothola nethuba lokuhlangana nabafundi abenza unyaka wesibili nowesithathu nabenza izifundo zabaneziqu abazocobelelana ngolwazi nobuhlakani babo nawe.

Ubhekiswe kobani?

Bonke abafundi abenza unyaka wokuqala, owesibili, owesithathu nabaneziqu abanesifiso sokulekelela abenza unyaka wokuqala ukuze bajwayele enyuvesi. Abafundi asebesenyuvesi isikhathi esingaphezulu konyaka bamukelekile ukuba baseke, bacobelelane ngamakhono, futhi bakhuthaze abenza unyaka wokuqala. 

Isihloko: Ukuzijwayeza ukufunda ngobuchwepheshe nokufundela ekhaya

Usuku:  09, 16, 23 & 30 kuMbasa (April) (NgoLwezihlanu)   Isikhathi: 11: 00; Ophethe uhlelo: Claire N Mondlana

I-imeyili:  mondlanac@ukzn.ac.za

Ukuguquka usuka esikoleni samabanga aphezulu uya enyuvesi kungaba yisikhathi esinzima kubafundi bonyaka wokuqala futhi uma sekuhlangene nokufunda ngobuchwepheshe besekhaya kungaba yinselelo enkulu uma bengakaze babhekane nokusebenza ngobuchwepheshe. Leli qembu lihlose ukuhlinzeka ngokwesekwa nezindlela zokuzijwayeza ukufunda ngobuchwepheshe nokufundela ekhaya. Iqembu aligcini nje ngokuba nengosi ephephile yokubhekana nokwesaba kanye nexhala ngalesi sihloko kodwa bazosebenzisana ngokwamakhono abo nezinselelo ababhekana nazo ukuze bakwazi ukujwayela ukufunda ngobuchwepheshe nokufundela ekhaya. Leli qembu livuleleke kunoma ubani onalenselelo kodwa ikakhulukazi abenza unyaka wokuqala.

Sibhekiswe kobani?

Bonke abafundi bonyaka wokuqala nanoma ubani onenselelo yokujwayela ukufunda ngobuchwepheshe nokufundela ekhaya.

 

Isihloko: Izindlela Zokufunda

Usuku: 22 kuMbasa (April) (NgoLwesine); Isakhathi: 12:00pm; Abaphethe Uhlelo: Ishara Maharaj & Michelle Scharnick

Ungumfundi okhethekile. Akekho omunye ofunda ngendlela efana ngqo neyakho. Le ngosi yezindlela zokufunda izokulekelela ukuba ukwazi ukubona ukuthi ulwazi uluhlaziya kanjani futhi ufunda kanjani. Ngokuthuthukisa ukuqonda ngendlela ofunda ngayo, uzokwazi ukulawula kangcono indlela yakho yokufunda. Lokhu kuzokusiza ukwazi ukuqapha nokukhetha izindlela zokufunda ezikusebenzela kangcono ezikhathini ezihlukene zokufunda.  Kunenzuzo enkulu ekutholeni indlela ofunda ngayo. Kukunika ukuqonda ngamandla nemikhuba onayo. Kuyakusiza futhi ukuba ubone izindawo ezidinga ukuthuthukiswa. 

Enye inzuzo eyengeziwe ukuthi ukwazi ukuqonda kungani ubhekana nesimo se-Covid 19 ngendlela owenza ngayo. Ungafisa nokuhlola izindlela ezinye zokubhekana nalokhu emihlanganweni yokululekwa noma yamaqembu.

Ukuhlolwa kwezindlela zokufunda akusona isivivinyo, kuyindlela yokuqonda ngendlela ofunda ngayo. Okutholayo kulokhu kuhlolwa akufanele kuthathwe njengokuyisiphetho kodwa njengesiqalo sokuthola indlela ofunda ngayo kangcono. Kunosizo ukuthatha isikhathi sokuqonda ngndlela ofunda ngayo.

 Le ngosi ibhekiswe kubani: Bonke abafundi abafisa ukuphucula izinga lamakhono abo okufunda

Uma unemibuzo ngaleli qembu, sicela uxhumane noNks Ishara Maharaj  ku Maharaji@ukzn.ac.za

 

Isihloko: Iqembu Lokwesekwa Kwezobudlelwano Obuhle

Usuku:  15, 29 kuMbasa (April) (NgoLwezine) ;  Isikhathi: 12:00pm; Abaphethe Uhlelo: Ishara Maharaj & Michelle Scharnick

Sonke siyakuthanda ukuthanda nokuthandwa. Ubudlelwano nokuxhumana nabanye kuvamise ukusinika imizwa yokwamukeleka nokuba yingxenye ngoba ubudlelwano buyinto ebalulekile ezimpilweni zethu, izinselelo ebudlelwaneni zingaba nomthelela emizweni yethu nakwezinye izingxenye zezimpilo zethu isbl. ezifundweni.

Leli qembu lizokuhlinzeka ngendawo lapho uzokwazi ukukhuluma ngobhekene nakho nezinselelo zakho, futhi uthole namakhono okuthuthukisa ubudlelwano obuhle uwedwa kanye nabanye.

Le ngosi ibhekiswe kubani: Bonke abafundi abafisa ukuzakhela ubudlelwano obuhle nokuthola izindlela zokubhekana nezinselelo abanazo ebudlelwaneni abanabo (nomndeni, nabangani noma nabathandana nabo)

Uma unemibuzo noma ufisa ukuthola ulwazi olwengeziwe ngaleli qembu, xhumana noNks. Scharnick ku Scharnickm@ukzn.ac.za

 

 

 

Isihloko: Umhlangano Wokucobelelana Ngolwazi Lokuphathwa Kwengcindezi- Ngiyiphatha kanjani ingcindezi yami?

Usuku: 14, 21, 28 kuMbasa (April)  (NgoLwezithathu);   Isikhathi: 12:00pm; Ophethe Uhlelo: Michelle Scharnick

Uzizwa unengcindezi ngenxa yazo zonke izinguquko obhekene nazo? Le ngosi ikuhlinzeka ngezindlela ezilula zokubhekana nengcindezi obhekene nayo. Izokulekelela ukuba uqonde ngokuthi yini ingcindezi, ingaba namuphi umthelela kuwe (emzimbeni nasengqondweni), nokuthi indlela esicabanga ngayo ngezimo ingayibangela kanjani ingcindezi futhi ikulekelele ngezindlela zokubhekana nengcindezi. Le mihlangano izokuhlinzeka ngengosi yokuxhumana nozakwenu.

Ibhekiswe kobani: Bonke abafundi abafisa ukuthuthukisa izindlela ezintsha zokubhekana nengcindezi

Uma unemibuzo noma udinga eminye imininingwane ngaleli qembu, xhumana noNks. Scharnick ku Scharnickm@ukzn.ac.za

 

 

Isihloko:  Ukubhalwa kwencwadi yesicelo/ne-CV

Usuku: 14 kuMbasa (April)  2021                  Isikhathi: 10am                    Ophethe Uhlelo:  Yanga Lufundo

Le ngosi ihlose ukulekelela abafundi bakwazi ukubhal incwadi yesicelo ne-CV okuhehayo kumqashi.

Ibhekiswe kobani: Bonke abafundi abafuna imisebenzi

Uma unemibuzo ngaleli qembu, sicela uxhumana noNks.  Yanga Lufundo  ku Lufundoy@ukzn.ac.za

Isihloko: Amakhono Enhlolokhono

Usuku: 21 kuMbasa (April)  2021                          Isikhathi: 10am                                           Ophethe Uhlelo:  Yanga Lufundo

Ukuthuthukisa ukuqonda ngohlelo lwenhlolokhono nokucobelela ngamathiphu mayelana nokuphendula imibuzo yenhlolokhono

Ibhekiswe kobani:  abafundi abafuna imisebenzi

Uma unemibuzo ngaleli qembu, ungaxhumana noNks Yanga Lufundo  ku Lufundoy@ukzn.ac.za

 

EZOKWESEKWA KWABAFUNDI

Izifundo Zomthetho & Ezokuphatha

Ukubekisa indawo xhumana no : Nks. Nomathemba Makhathini

I-Imeyili: makhathinin@ukzn.ac.za

Sikanye nawe ohambweni lwakho oluya empumelelweni

 

Notice Details
Category General
Posted 09 April 2021
By Nomathemba Lucia Makhathini
Tel
From UKZN
Audience
Howard College Staff  Howard College Students 
PMB Staff  PMB Students 
Westville Staff  Westville Students 
   
   
  •  
  • F.A.Q.
  •  
  • Quick Help
  •  
F.A.Q. (frequently asked questions)

Please use Firefox or IE to upload your notice.

Will I still be able to read my Notices from within my email?

In a manner of speaking yes. However you will not get the entire notice delivered to you in your email, instead you will get a daily digest which will list the subject of the notices, a short summary of each notice and hyperlinks that will take you to that notice on the web.

2. Who has access to notices?


Anybody can access the notice system, however you will not be able to place notices from off-campus.